
Siphila esikhathini esinzima kabi kule mihla. Kunabantu abadala abangcolisa impilo yabo egameni lothando. Lomkhuba wabo uhamba uze ube nomthelela omubi kabi nasozalweni lwabo. Nemindeni yabo kuhamba iphethe ngokwehlukana, ihlakazeke ngenxa yokuxegelwa kwabo yizimilo. Okubuhlungu kakhulu wukuthi yonke lemikhuba yabo emibi yemijolo yenziwa ngabantu besifungo abasemshadweni.
Ikhaya lakwaNgcobo, usokhaya uDavid nguyena ozithola ethwele kanzima. Nguyena ophunga izimpukane ezifuna ukonakalisa isithebe sakhe. Konke lokhu sekuze kwehlela nakuThando, indodakazi yakhona lapha ekhaya. Umqansa asebhekene nawo manje ukukhuliswa ngaphansi kwabazali abangasezwani. Ukubhekana nenselelo yokubumba ikusasa lakhe ebe nganxanye ulwela ukunqanda idungamuzi elishendeza nonina, uMeggie. Yonke lempi uzithola eseyilwa ngokuhlanganyela nabangani bakhe kanye nomphakathi wasendaweni. Babezama ukulwa nokuthi kubunjwe, kuphinde futhi kuhlunyeleliswe nezimilo emndenini yonke ebuthakathaka. Impi enkulu abazithola sebelwa nayo manje abantwana yimpi yamandla. Yimpi amadoda ayibhekise kubantu besifazane nezingane ezingenawo amandla okuzivikela. Kuna bantu besilisa abanezinhliziyo ezimbi njengoGeorge nje, abavele bangene ngenxeba njengempethu. Basebenzisa ubuthakathaka babantu besifazane ukungena bagamanxe, bagcine ngakho ukudunga inhlalo yemizi yabantu. Bakwenza lokho bengakhathalele ukuthi izoba njani impilo yabantwana kuleso simo. Imvamisa kugcina ngokuthi kufe omunye endleleni njengalokhu sibona noMeggie efa nje.
Umzabalazo kaThando siwubona uthatha igxathu elide kabi waze wafinyelela eNyuvesi. Ngendlela abalwisana ngayo nezitha zabo ibonakala ithela izithelo. Imimoya yalabo abashonayo njengoMeggie siyithola isihlanganyele kanye nabo oThando isilwa ngoba phela ayizange ikuthole ukuphumula lapho yalala khona. UMeggie usejike wayithongo elinamandla kulaba abaphilayo. Usesebenzisa bona ukulwa nokunqanda ukubhebhetheka kwalesi sihlava sokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane nangokobulili. Zitikeni ngokwenu bafundi ngawo lomdlalo. Umnandi, uyafundisa, uyayala. Nifunde, nilingise nibe nidlala. Amandla Nesandla Sikamufi.